Hymn Lyrics
0267 Ngiyakholwa kuNkulunkulu (131)
Ngiyakholwa kuNkulunkulu, ngiyakholwa, uYis’uMninimandla onke, ngiyakholwa. UMdali wezulu lomhlaba, ngiyakholwa, uYis’uMninimandla onke, ngiyakholwa.
Yebo, ye, ye ngiyakholwa. (2x)
LakuJesu Kristu...
iNdodana yakh’eyodwa iNkosi yethu...
Owemulwa ngamandla kaMoya oNgcwele...
Wazalwa liVirigo uMariya...
Wahlutshwa ekubuseni kukaPhonsiyo Philathu...
wabethelwa esiphambanweni...
Esiphambanweni wafa wangcwatshwa...
Wehla waya kwabafileyo...
Yebo, ye, ye, ngiyakholwa. (2x)
Ngelanga lesithathu wavuka ekufeni...
wenyuka waya ezulwini...
Uhlezi esandleni sokunene sikaYise...
lapho azakuvela khona...
Ezothetha amacala...
amacal’abaphilayo labafileyo...
Yebo, ye, ye, ngiyakholwa. (2x)
Ngiyakholwa kuMoy’oNgcwele...
iBandla eliNgcwele eliKhatholika...
Ukwazana kwabangcwele...
ukuthethelelwa kwezono...
Ukuvuka koMzimba ekufeni...
lokuphil’ okulaphakade. Amen ...
Yebo, ye, ye ngiyakholwa. (2x)
B. Ndlovu
