Hymn Lyrics
0367 Nkosi angifanele
1. Nkosi angifanele, Nkosi angifanele,
ukwamukela wena. Ungenze ngifanele,
ungenze ngifanele, ngicela kuwe, Nkosi.
Vumake ukungena kimi engiyisoni.
Wozake Jesu wami, wozake Jesu, uhlale njalo kimi.
2. Ngizinikela kuwe, ngizinikela kuwe,
ukuba ngib’ngowakho. Ngiphila ngawe Nkosi, ngiphila ngawe Nkosi, uyintokozo yami.
E! Kudla okumnandi, O! Sinkwa sezithunywa, ngigcina ngisekhona, ngigcina ngisekhona lasekufeni
kwami.
